Pikza.com /sonkhondlo ongadumile

Pikza.com /sonkhondlo ongadumile Proud to be a poet

06/11/2021

Sihloko: inqanawe yami

Nqanawe yami
Uyisaqalo nesiphetho empilweni yami
Ngawe ngiyoqoba ,ngbaqole
Ngyabaqhenga kuth bengaqali,besiqale ngoba bazoqobeka baze baxole
Baphinde baxakeke bexakwa uthando lwethu
Sthandwa sami mina nawe ngfuna siyolala emaqhumeni sibuke lonkhe elamthaniya ngkuthembise zonkhe lezinkanyezi zezulu

Futhi angkhumbuli ngkhumbula umuntu ngalendela ngyazizonda lezontaba ezingisithele wena philisi eliphilisa imizwa yami

Uthando lwakho lugijima ngemithambo nglizwa umziba wonkhe mangbuka wena izihlathi zivakashela amadlebe isindebe zakho ziconsisa amathe zicwebezela ukundlula idayimane ❣️β™₯οΈπŸ’¦πŸ”₯πŸ”₯(by pik'za.com) sonkondlo ongadumile πŸ™ŒπŸ’•β£οΈπŸ’–

24/10/2021

isihloko:Ukuphuka kwenhliziyoπŸ’”

Senghlelela ukuzikhotha amaceba izindebe zichichima igazi, kazi ngonani kwelamthaniya wayphula waphohloza inhliziyo ngsanda kuyipholisa ngaphaphalala ngaphela ngaphakathi ngphocwa ngothandiweyo wami ngcela ukuphinde ngipheleliswe ngokwenhliziyo ngphinde ngbuye kulizwe lothando ngisho ngoba uthando lwami naye belundiza phezulu njengezinyoni zezulu kodwa okungapheli kuyahlola,khala zome ngyokhala kuzwe bani na? Kusabele bani ?πŸ€”ngabe kuyosabela ama khekhenyane nezihosha na?πŸ€” Mdala wezulu nomhlaba phinde udale uthando nenjabulo kweyami inhliziyoπŸ’”πŸ’”πŸ’”πŸ’”πŸ’”πŸ’”πŸ˜’πŸ˜’πŸ˜’πŸ˜’πŸ˜’....... by (pikza.com) sonkondo ongakadumi

30/09/2020

Shloko -mhlawumbe yimi.

Mhlawumbe yimi engadala isono esonweni kwaze kwakhela isono ehlizweni yakho ngikhumbula lezo nsuku sisalala emagcumeni, uthandolwethu lishisa lishosha phansi njenge sishosha lishushuzela kuze kushukume omonase

Mhlawumbe yimi.
Dali, angikhumbuli ngikukhumbula ngalendlela sengifisa ngabe ngiyakubona uqhamemele kwesami isifuba ngoba ukomotheka kwakho kukodwa kuyayipholisa inhliziyo.

Mhlawumbe yimi.
Ngoduso yami ,mhlawumbe yimi engathatha ngesokunxele waze wanxena nokungixolela,
Xola philisi lami lezinhlungu uzongikhipha ezinhlungwini
Buya emesisweni moya wami.

Mhlawumbe yimi.
Mhlawumbe yimi, onesandla ekuphukeni kwenhliziyo yakho
Phela Wena izandla zakho zinemfudumalo nempatho
Ubuhle bakho ngikuqhathanisa negolide lezinkulungwane elucwebezela lingikhanyisele ubusuku nemini
ngelozi Yami ephila ngaphakathi Kimi ngokwemizwa
Sthandwa Sami
mhlawumbe yimi. (pikza.com) sonkondlo ongadumileπŸ’”πŸ’”πŸ’”πŸ’”πŸ’–πŸ’–πŸ’–πŸ‘πŸ‘ŒπŸ‘Œ

28/09/2020

Thando lwami

Uyisnqawunqawu sesinqandamathe Sami ,ngelozi yami yokuphila okuyinamuhla naphakade
Imizwa yami uyinqobile ngezenzo nangothando lwakho imizwa ihlale ijabule ngawe ngoduso yami izihlathi zihlale zivakashele amadlebe ngawe injabulo ihlale aseduze ngawe izindebe zihlale ziqonsa amathe ngawe
Ushisa njengomlilo ovutha kushe uqhungeqhunge lwemifula nezihosha
Sinqawunqawu sesinqandamathe

Pizka .com

28/09/2020

Bambolwami

Mbali yami eqhakaza ubusika nhlobo
Siphithiphithi Sami esiphithizela engcondweni yami mihla namalanga.
Siphalaphala sami esipholisa umoya wami ezinhlungwini
Ndandathu ekhanya ngisho emehlweni empuputhe , ulichawe nesiqhomokazi senhliziyo yami
Ungumdidi wabadidizeli bedidizela ngenxa yenzondo nezinhliziyo ezibovu
Mzwinini wezwi elimnandi elikhala ngisabele ngisho ngsezintabeni zokhahlamba
Wena ungumshisi wezikhotha izinsizwa zisale zibambe owangenzansi uyindoni yamanzi
Siphithiphithi sesiphalaphala

Address

E51
Ermelo

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Pikza.com /sonkhondlo ongadumile posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Pikza.com /sonkhondlo ongadumile:

Share

Category